UJacob Zuma Uthembisa Ukudalwa Kwamathuba Emisebenzi Nokunciphisa Ubugebengu

UJacob Zuma Uthembisa Ukudalwa Kwamathuba Emisebenzi Nokunciphisa Ubugebengu

OwayenguMengameli waseNingizimu Afrika uMnuz Jacob Zuma uzwakalise ukukhathazeka okukhulu ngobubha obudlangile obukhungethe abantu abamnyama baseNingizimu Afrika. Emhlanganweni obuse-Orlando Stadium eGoli, uZuma ufunge wagomela ukuthi uzodala amathuba emisebenzi aphinde alwe nobugebengu njengoba ethula umqulu wezithembiso zeqembu lakhe elisha lezepolitiki, uMkhonto weSizwe.MK Party), ukulungiselela ukhetho lukazwelonke oluzayo.

UZuma uthembise ukusungula izimboni ezizokhiqizela abantu abaningi amathuba omsebenzi futhi uzibophezele ukuthi uzohlinzeka ngemfundo yamahhala entsheni yesizwe.

“Sifuna izingane zethu zifunde mahhala ikakhulukazi eziphuma emakhaya ahlwempu ngoba ububha esinabo asidalwanga yithi. Yadalwa izifiki ezathatha yonke into, kuhlanganise nomhlaba wethu. Zonke lezo zinto sizozibuyisela emuva, senze imali sifundise izingane zethu,”

wathi kubalandeli bakhe.

Ukwengeza, uZuma uzibophezele ukuthi uzochibiyela uMthethosisekelo wezwe ukuze kubuyiselwe amandla amakhulu kubaholi bendabuko. Ugxeke uhlelo olukhona manje ngokunciphisa amandla abo ngokunikeza amandla engeziwe ezimantshini namajaji.

I-MK Party, eyasungulwa ngoZibandlela wonyaka odlule, isiphenduke imbangi ephawulekayo kwezombusazwe eNingizimu Afrika. UZuma, nakuba ebhekene nezinselelo zomthetho, usalokhu engomunye walabo abafuna impumelelo yokhetho.

Njengamanje uZuma uphikisana nesinqumo seKhomishini yoKhetho ezimele eyamkhipha esikhundleni sokungenela ukhetho ngenxa yerekhodi lakhe lobugebengu. Ugwetshwe izinyanga ezingu-15 ebhadla ejele ngokudelela umyalelo wenkantolo wokufakaza phambi kwekhomishana yamajaji ephenya ngenkohlakalo ngesikhathi engumengameli kusukela ngo-2009 kuya ku-2018.

Ngemuva kokuphoqeleka ukuthi esule ngo-2018 ngenxa yezinsolo ezinde zenkohlakalo, uZuma usebuyela emuva kwezombusazwe, ehlose ukuphinde abe ngumengameli.

UZuma ubalule ukuntuleka kwemisebenzi kanye nezimo zokuphila ezingekho ezingeni ezithinta abantu abaningi abamnyama baseNingizimu Afrika.

“Uma bekhuluma ngokuntuleka kwemisebenzi bakhuluma ngathi, akekho omunye. Uma bekhuluma ngabantu abahlala emijondolo yithina, akekho omunye umuntu ohlala emijondolo ngaphandle kwethu,”

ukugcizelele, ekhuluma nezihlwele ebezihlanganisa abalandeli abavela ezifundazweni ezifana neMpumalanga neKwaZulu-Natal, izindawo lapho esekwa khona kakhulu.

Lowo owayengumongameli waphikisa ngokuthi izinga eliphezulu lobugebengu eNingizimu Afrika liwumphumela oqondile wobubha obunzima emiphakathini yabantu abamnyama.

“Indlala nobubha bethu yikona okwenza kubonakale sengathi siyizigebengu, asinangqondo, asinalutho. Sesiphelile leso sikhathi, ngoba singabantu abalungile abaphayo, kodwa abanye abantu basiqhubezela ebugebengwini,”

waphawula.

UZuma umemezele ukuthi inhloso yeqembu lakhe ukuthola amavoti angaphezu kuka-65% kuzwelonke okhethweni oluzayo, okuzobenza bakwazi ukwenza izinguquko ezibalulekile emithethweni yezwe.

Ngokuphambene nalokho, ucwaningo lwakamuva lukhomba ukuthi iqembu elibusayo i-African National Congress (ANC) lingase lithole amavoti angaphansi kuka-50%, okungase liwaphoqe ukuthi enze imifelandawonye namaqembu amancane ukuze agcine amandla.

Abantu baseNingizimu Afrika kulindeleke ukuthi bavote ngoMeyi 29, i-MK Party kaZuma ibekwe njengembangi enzima kwezombusazwe.

zuZulu